Report abanikezelwe yona kanye nayo yonke imibono yomphakathi iyoba yingxenye yalombiko.


Umsebenzi omningi wase-NA wenziwa emaKomidini.
Umsebenzi wekomidi ngalinye uhambisana noMnyango kahulumeni eliqondene nawo. Isibonelo, iKomidi Lezohwebo Nezimboni libhekene nazo zonke izindaba ezithinta uMnyango Wezohwebo Nezimboni.
Ikomidi ngalinye linoSihlalo walo ozoqinisekisa ukuphathwa ngendlela komsebenzi.
AmaKomidi eNdlu yesiShayamthetho Kazwelonke abhekene nokudingida, ukubamba inkulumo-mpikiswano kanye nokuchibiyela iMithethosivivinywa.
AmaKomidi angabamba Izigcawu Zokuzwa Uvo Lomphakathi ngokushaywa kwemithetho noma izindaba ezihlobene nokushaywa komthetho.
AmaKomidi aphinde abhekane nokwengamela kanye nokuhlola umsebenzi weMinyango kahulumeni.
NgokoMthethosisekelo, iPhalamende liphoqelekile ukuba libandakanye umphakathi ekushayweni kwemithetho kanye nakwezinye izinhlelo zePhalamende.
AmaKomidi eNdlu yesiShayamthetho Kazwelonke aphoqelekile ukubonisana namalungu omphakathi ukuze athole igalelo lawo kuMthethosivivinywa noma ukuzwa izimvo zawo ngezindaba ezibalulekile kuzwelonke.
Umphakathi uyagqugquzelwa ukuba uzibandakanye ngokukhuthala ezinkulumweni uma amaKomidi ebamba Izigcawu Zokuzwa Uvo Lomphakathi.
Abantu ngabodwana noma ngamaqembu bayakhuthazwa ukuba balethe ngomlomo noma ngokubhalwe phansi izikhalazo ngezindaba ezibathintayo.
Xhumana namaLungu ePhalamende asebenza e-NA ukubuza noma ukucela ulwazi ngemisebenzi yawo ePhalamende.
Hambela Izigcawu Zokuzwa Uvo Lomphakathi ezibanjwa amaKomidi eNdlu yesiShayamthetho Kazwelonke.
IPhalamende lineziNdlu ezimbili, okuyiNdlu yesiShayamthetho Kazwelonke eyaziwa ngokuthi yi-NA) kanye noMkhandlu Kazwelonke Wezifundazwe (owaziwa ngokuthi yi-NCOP.
I -NA ikhethwa kabusha njalo emva kweminyaka emihlanu okhethweni lukazwelonke.
Omunye wemisebenzi esemqoka ye-NA ukushaya imithetho okumele izwe libuswe ngayo.
I -NA idlulisela iMithethosivivinywa eMakomidini ukuze ayicubungule futhi abambe inkulumo-mpikiswano ngayo le Mithethosivivinywa.
I -NA ingagunyaza, iphikise noma idlulisele iMithethosivivinywa emuva emaKomidini ukuze idingidwe kabanzi.
IPhalamende linomsebenzi wokuhlaziya, ukuhlola kanye nokwengamela imisebenzi kahulumeni noma ngabe yiliphi ilungu loMbuso, mayelana nokufezekiswa kwemithetho, ukusetshenziswa kwesabiwomali, kanye nokuqapha uMthethosisekelo.
mpikiswano zephalamende mayelana nezindaba ezisemqoka kanye nangokuhlongoza futhi kuvotwe kwiziphakamiso eziphathelene nomsebenzi kahulumeni.
I -NA igunyazwe uMthethosisekelo ukuqoka uMongameli waseNingizimu Afrika phakathi kwaMalungu ayo.
I -NA inamaLungu ePhalamende anga-400 aqokelwa kuyona aziwa ngokuthi ama-MP.
AmaLungu ase-NA akhethwa ngohlelo olubizwa ngokuthi ukumelwa okulinganayo.
Ngaphambi kokhetho, iqembu lezombusazwe ngalinye lenza uhlu lwabantu abazongenela ukhetho ukuze bakhethwe. Laba bantu-ke bayaye baqokwe ngendlela ehambisanayo nesibalo samavoti iqembu lezombusazwe abebengaphansi kwalo, eliwatholile okhethweni. Isibonelo, uma iqembu lithole uhhafu wamavoti, lizothola izihlalo ezinguhhafu e-NA.
USomlomo kanye nePhini likaSomlomo wePhalamende bangamela imihlangano yase-NA.
Bayaqinisekisa ukuthi amaLungu ePhalamende akhuluma ngokukhululeka, kodwa ahambisane nemithetho yeNdlu yesiShayamthetho Kazwelonke.
Imithetho yeNdlu ihlinzeka ngokuthi oSihlalo beNdlu basize Iziphathimandla zePhalamende ekwenzeni umsebenzi wazo. OSihlalo beNdlu bangabuye badingeke ukuba bangamele ukuhlala kweNdlu yesiShayamthetho Kazwelonke.
Iqembu ngalinye lezombusazwe elise-NA liqoka uSoswebhu Omkhulu ozophatha izindaba zalo.
UMongameli uqoka Umholi wezinhlelo zikaHulumeni osebenzisana nezikhulu zeziNdlu zePhalamende zombili.
Umholi wezinhlelo zikaHulumeni kufanele abhekelele izimfuno zoMkhandlu kanye nezinhlelo zikaHulumeni ePhalamende.
Umholi wezinhlelo zikaHulumeni uqinisekisa ukuthi amaLungu oMkhandlu ayayenza imisebenzi yawo yephalamende.
